EzokokungcebelekaIzindaba

Bachaye uMusa Mseleku ababambisa udonga ngoThando Nes’thembu

UMnuz Musa Mseleku, owaduma ohlelweni lukamabonakude, Uthando Nes’thembu, usolwa ngokukweleta abenzisana nabo, oZakhele Gumede noMusa Ntsebesha u-R200 000. 

Laba ababili baphinde bakhala ngokubanjiswa udonga njengoba bethi wabathembisa u-2% wobunikazi enkampanini yakhe, iThanks Ma.

Lo R200 000 bekungowokubakhokhela ngomsebenzi wabo ekushuthweni kweziqephu zoThando Nes’thembu.

 UNtsebesha uchaye uMseleku kwiDaily Reports Platform Podcast, eveza konke okwenzeka ngaphambi kokuvela koThando Nes’thembu kumabonakude.

UNtsebesha uthi bahlangana noMseleku nomunye wamakhosikazi akhe, uThobile Mseleku komunye woMasipala bendawo.

Yilapho baqala khona ukukuxoxa baze baphuma nombono walolu hlelo ngo-2016.  

“Wangitshela ngombono woThando Nes’thembu, kodwa wayekuthola kunzima ukuwususa phansi. 

“Futhi wayefuna ukwenza umbukiso ongokoqobo (Reality show) kodwa wayengenawo amakhono afanele okwenza lokho,” kusho uNtsebesha.

Ngesikhathi eqhubeka nengxoxo yakhe uNtsebesha uthe, emhlanganweni wokuqala ababanawo noMseleku wabathembisa izulu nomhlaba.

Wane esebanika imibandela yokuthi bazothola amsheya ka-2% kwinkampani yakhe ezoqopha lolu hlelo, iThanks Ma.  

Izinkinga zaqala lapho sebesitholile isivumelwano sokusebenza no M-Net.  

“Ngemva kwaleso simemo, akazange akhulume ngesivumelwano. Angazi kahle ukuthi uthathe bani ukuze asayine, ngoba wangishiya mina noGumede.

“Angizange ngikulandele lokhu ngoba ngangazi ukuthi sesivele sinesivumelwano naye.”

Ephetha uthe yize izinkinga zabo zaqala kwisizini yokuqala yalolu hlelo, abakwazanga ukushiya ngenxa yokuthi base befake isikhathi sabo esiningi kulo msebenzi.

Futhi babezitshela ukuthi uzosigcina isithembiso ngoba babemethemba njengomuntu abase bemaze isikhashana impela.