IzindabaUncategorised

‘Iziboshwa ezinothile zigwaza kojele ukuze ziphile nofonofo eWestville’

UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kwezimilo uphume inqina yokukhuculula amajele kuzwelonke.

Muva nje uMnuz Makgothi Thobakgale uKhomishana woMnyango wokuHlunyeleliswa kwezimilo kuzwelonke uvakashele ejele eWestville ukuzohlola isimo njengoba kunababhala u-matric kubike iSABC News.

Kunezinsolo zokuthi kuneziboshwa ezidonsa iminyaka ezigwaza kojele ukuthi ziyiswe ezibhedlela ezizimele.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo eKZN, uSingabakho Nxumalo, uthe bazisukumele phezulu izinsolo zokuphathwa ngendlela ehlukile kweziboshwa ezinothile ikakhulukazi uThoshan Panday, eWestville

Kunophenyo olunzulu oluqhubekayo mayelana nokunakekelwa kangcono kweziboshwa ezidla izambane likapondo.

Ngokubika kwe-E.nca umnyango uphinde waya ejele labesifazane ePitoli nalapho bekupeqululwa wena mibhede, kuphenywa izincwadi namaBhayibheli ukuthola ukuthi akukho yini okungafanele iziboshwa ezikugcinile.

Indaba yamaselula ibukeka iseyinselelo enkulu njengoba uma etholakele ethathwa kodwa kungapheli nsuku ezingaki abe esekhona futhi.