Ushone engozini yemoto uCanaan Mdletshe owayeyintatheli
Akasekho emhlabeni uMnuz Canaan Mdletshe obengumholi we-MK Party nayijoyine ngo-Agasti 2024 esuka kwi-NFP.
UMdletshe ushone engozini yemoto ngoLwesine ebusuku. I-MK esitatimendeni ithe ingozi yenzeke ngesikhathi uMdletshe ephuma ku-ward 16 eMtubatuba lapho bekunokhetho lokuchibiyela.
” Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini. Sifisa wazi ukuthi sizimisele ukuwuseka kulesi sikhathi esinzima,” kusho isitatimende.
IZINDABA

