Izindaba

Usola u-Avbob ngobuqola owesifazane onikwe u-R4 000

UBIZE inkampani yabangcwabi bakwa-Avbob ngamaqola  owesifazane othi umndeni wakhe uqolwe yinkampani ngokunika uR4 000 yize unina esebe yilungu lalo lomasingcwabisane iminyaka engu-22.

Owesifazane ochazwe ngelikaBuhle ufake ivideo yakhe kuTik Tok egxeka i-Avbob ngokugila umndeni wakhe yize usemanzini. 

Kwi-Video enamekwe kuTik Tok uthe unina nguyena olilungu lokuqina lalo masingcwabisane afake kuwona abazali bakhe.

Uveze ukuthi kuqale kwashona uyisemkhulu le nkampani yabasiza ngemali yokumfihla.

Uqhuba uthi kuthe ngempelasonto edlule sekudlula emhlabeni ugogo kwaqala kwanezinkinga kwa-Avbob.

“Banike umama imali engu-R4000 yokungcwaba. Bathi enye banika umama ngephutha ngesikhathi kushone umkhulu. Iphutha likabani lelo,” kubuza lo wesifazane.

Uthe okubazwise ubuhlungu kakhulu wukuthi abakwa-Avbob abaxolisanga futhi abazwelanga nabo. 

FUNDA NALOLU DABA: UBabes uzoveza konke ngempilo ngemuva kukaMampintsha

Ngemuva kokusabalala kodaba ezinkundleni zokuxhumana abakwa-Avbob bakhiphe isitatimende bexolisa. Bathembise ukuphenyisisa udaba.