Sibi isimo kuPhapha, kubonwa ngokusa
KWEMBULWA kwembeswa kuPhapha uFrancis webandla lamaRoma Akhatholika.
Lezi zindaba ezibuhlungu zivezwe kwisitatimende ngabekhomkhulu lamaRoma iVatican.
Siveze ukuthi odokotela bathi uPhapha (88) usesimweni esibucayi futhi udinga ukunakekelwa.
FUNDA NALA:Â Uke wambona? Thinta amaphoyisa ngokushesha
Bekungokokuqala ngqa ukuthi libekwe ngembaba elokuthi lomholi isesinweni esibucayi njengoba kuyophela isonto manje engeniswe esibhedlela ngenxa yesifuba somoya kanye nokuxineka emaphashini.- AP

