USomizi ucikwe uTamara wodumo lokugxibha abesifazane
USOMGAGA ushaye kwabola kuTamara wodumo lokuzitika ngokugxeka abesifazane abazale bengashadiwe.
USomgaga ufake ivideo kuTikTok ebonakala ukuthi unengekile ebuza ukuthi kungani lentokazi inenzondo kwabanye besifazane.
Uthe usethule kwanele ebuka isithunzi sabesifazane sithunazwa ngomunye wesifazane.
“Kukhona konke asekushilo uTamara ngithanda ukuncoma labo abaphenye bathola ukuthi akamsulwa njengoba egxeka abesifazane kodwa evikela amadoda.
“Uyakhohlwa ukuthi laba besifazane abazizalisi futhi abaziqedi ubuntombi babo kodwa kusuke kukhona namadoda lapho,” kusho uSomgaga.
Uqhube wathi okwenziwa yile ntokazi kwehlisa isithunzi negama labesifazane kuphinde kuveze iminkenke phakathi kwembokodo iyodwa.
Ukusho lokhu nje uSomizi kungenxa yokuvela kwamavideo kuTikTok okukholakala ukuthi ngawakhe loTamara amadala.
FUNDA NALANA: Sibi isimo kuPhapha, kubonwa ngokusa
Kuwona ubonakala efequza, esina eveza izindawo zangaphansi aphinde abonakale eshuthe nowokufika okuthiwa estodlwana.

