Izindaba

Bajikelwe yidlozi abebebamba inkunzi, badliwa yinhlamvu

KUBABHEDELE abalisa abane abebezama ukukhuthuza umshayeli wemoto behlomile njengoba oyedwa elale amankeyana eClairwood.

Ngokombiko wamaphoyisa, umshayeli obezihambela yedwa ubesanda kungena emotweni yakhe ngesikhathi engungwa amadoda amane angawazi.

“Omunye wabasolwa ubehlome ngesibhamu. Bamphoqe ukuba abanike imali ngokushesha,” kusho amaphoyisa.

Abasolwa balahlwe elabakubo ngoba umshayeli uzidele amathambo wabamba lo umsolwa obephethe isibhamu. 

FUNDA NALANA: UMnyango ucacisa eka-Grade 13 okuthiwa uyawuhlongoza

Ngemuva kwemizuzwana bezwene amandla, isibhamu sikamsolwa sibuyele kumshayeli nongacucuzanga w