Izindaba

Kubatshazwa ‘inceku’ yaseNdiya eqola abantu baseThekwini

KUKHALWA ubumayemaye ngomfundisi mbumbulu okuthiwa usewaqedile amakholwa aseThekwini  namaphethelo.

Le nceku, elingakadalulwa igama layo, kuvela ukuthi ingeyokudabuka eNdiya kanti ilokhu yehle ngohologo kulo mkhuba wayo.

Abapotshozele uphiko lweReaction Unit South Africa (RUSA) ulwazi ngale nceku bathi le nceku ibathinta ngenamba yaphesheya eqala ngo +91 nekhomba ukuba ngeyaseNdiya.

“Abathola lolu cingo bayalelwa ukuba bacofe kwi-Link abanikwa yona kanye nezinombolo eziyisithupha. 

“Kukholakala ukuthi lena yiyona ndlela obekuqolwa ngayo izisulu,” kusho isitatimende.

“Bebekwazi ukubakhuthuza imali kulabo abonga imali besenzisa izingcingo (banking Applications) nabakheshi.”

Izinkulumo eziqoshwe ngabaqoliwe nezisetshenziswa yile nkampani ukuqhuba uphenyo zikuveze ngokusobala ukuthi ucingo lushaywe ngumuntu okwisifundazwe i-Andre Pradesh e-Ndiya. 

OLUNYE UDABA: Bajikelwe yidlozi abebebamba inkunzi, badliwa yinhlamvu

Okwamanje asikaqinisekiswa isibalo sabaqoliwe kodwa bayakhuthazwa ukuba baphumele obala.