UMnyango ucacisa eka-Grade 13 okuthiwa uyawuhlongoza
“AYIKHO indaba kaGrade 13”. Lokhu kushiwo uMnyango wezeMFundo eyiSisekelo osuchithe amahlebezi asesabalele ezweni okuthi isikole sesizofinyelela kuGrade 13.
Indaba ka-Grade 13 yethuse abaningi kwathi abanye bezwakalisa ukunengeka .
Isitatimende esikhoshwe uMnyango wezeMFundo eyiSisekelo kuleli uthe ingamampunge eka-Grade 13.
“Sicela niqaphele imibiko emgamanga. Azikho izinhlelo zokwengeza kube noGrade 13,” kusho isitatimende ngamafuphi.
Lo mnyango, uqwashise umphakathi ngokwanda kwemibiko engamanga okubukeka kwanda muva.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu bakwazi ukwehlukanisa phakathi kwemithombo ebika amanga nebika iqiniso.
Ngokwemibiko esabalele nebisifake itwetwe kubantu, izinhlelo zokufakwa kwalelo banga esikoleni bezizoqala ngonyaka ozayo ka-2026.
FUNDA NALANA: Umangaze abalaleli uDJ Sbu ngesinqumo ngeRadio 2000
Ngamanye amazwi lokhu bekuzochaza ukuthi uMatric walonyaka bekuzoba ngowokugcina ngci ukuthi uphothule isikole ku-Grade 12.

