Uncategorised

Ezinye ezimbi kubulawa iphoyisa eNanda

INanda seyiphinde yasezindabeni ezimbi njengoba kudutshulwe kwabulawa iphoyisa izolo ebusuku.

Ngokwemibiko yamaphoyisa, leli phoyisa elidutsuliwe belingekho emsebenzi. 

Belikade livakashele intombi yalo bezixoxela ngaphandle kwekhaya lalona wesifazane

Kuthiwa kuqhamuke imoto iVW Polo empunga yama eceleni kwabo laba maqede kwaphuma amadoda amabili.

Abasolwa bashaye iphoyisa kwaze kuba uyawa. Ngaleso sikhathi  intombi ithe galo yephuka yayongena endlini ngenxa yesihluku ebesenziwa abasolwa.

Abasolwa baqhubeke nokushaya iphoyisa nokuthe ngesikhathi seliphansi balidubula ekhanda nangesekhwapheni maqede babaleka.

Kulesi sigameko kubikwa ukuthi abasolwa bantshontshe isibhamu somsebenzi nocingo kukamufi.

FUNDA NALANA: Kubatshazwa ‘inceku’ yaseNdiya eqola abantu baseThekwini

Kushaye isikhathi sokuloba kungakaboshwa muntu.