Ezokokungcebeleka

Kuvela okucike uBetusile ngoweBig Brother abemeseka

UKUQHUBA intwala ngewisa kwabalandeli baka-Uyanda Hlangabezo osehlelweni iBig Brother Mzansi 5, sekudine isihlabani somculo wokholo uBetusile Mcinga saqoma ukuziqhelelanisa nomkhankaso wokumeseka.

UBetusile ukhala  ngokuthi abalandeli bamhlalise lubhojozi ngoba nakhu engusaziwayo. 

Benza izaba zokumphoqa ukuthi akeseke isithandwa sabo ngoba nakhu bengomkhaya bobabili bevela e-Eastern Cape.

“Baningi abantu abavela ngakithi engike ngabeseka phambilini ikakhulukazi abangamaciko nabo bangafakaza kwengikushoyo. 

“Angikaze ngibe nenkinga kangangoba ngisho nabanye abangani bami nozakwethu baye banganqeni emikhankasweni nasemincintiswaneni,” kusho uBetusile.

Uthe kulokhu ngeke  azimbandakanye. Uthe angamane achashwe ngezinhlamba ngenxa yesinqumo sakhe ngeke ayivumele ingcindezi afakwa ngaphansi kwayo.

Uveze ukuthi ngesonto elidlule uxoxile nomndeni ka-Uyanda waphinde wahlangana nawo namuhla ekuseni. 

Uthe lokhu ubekwenza ngoba ubezimisele ukumeseka umkhaya wakhe njengoba eke wenza kwabanye abafana noJuicy J, Sinaye noLuyolo owayekuma- Idols SA. 

U-Uyanda unguthisha kwesinye sezikole sase-Eastern Cape kanti ungomunye wabantu abathandwa kakhulu. Usezakhele ugazi kulolu hlelo olubeke isiteki sikaR2 million kozonqoba. 

Lolu hlelo selufike esontweni lesikhombisa kanti sebengu-16 abadlali abasele endlini kaBig Brother Mzansi. 

FUNDA NALANA: EleNFD selimise umqeqeshi ‘obozayo’

U-Uyanda akuyena yedwa ovela e-Eastern Cape njengoba ekhona u-Abobo noTyrone. Nakuba kunjalo, uBetusile ubengakasho lutho ngabo.