Ezokokungcebeleka

Udinga usizo oputshuza umgosi wosaziwayo

ISILOMO somlobi wezindaba zomgosi uMusa Khawula usephumile ejele.

Ubuye waqhubeka lapho ayegcine khona ngokubhala ngalabo ababemmangalele enkantolo.

UMusa osebukeka emningi ezinkantolo ngenxa yokumangalelwa ngabasuke bephika imibiko nezindaba azibhalayo, waboshwa ngoJanuary 13 nonyaka.

Abamangali ngosaziwayo uZe Nxumalo nomkakhe owake wanguzime wakuleli uDr Tamaryn Green-Nxumalo. 

Laba bamsola ngecala lokubhala inkulumo enenzondo,  nokwephula imithetho yeCyber Crimes Act.

Icala belithethwa enkantolo yemantshi eRandburg namuhla.

Ukubuya kukaMusa kujabulise abaningi abebekhumbula ubuciko obuhlukile bokulandela izindaba zabantu ngisho ezibucayi.

Okuthandwa ngabaladeli baMusa wukuthi akagcini ngokuneka amahlazo abantu kodwa nawakhe uwaneka obala. 

FUNDA NALANA: Uluthwe ngempilo engcono, wenziwa isigqila socansi

UMusa ube esecela iminikelo kulabo abangafisa ukumsiza njengoba isimo simapeketwane.