Izindaba

Uluthwe ngempilo engcono, wenziwa isigqila socansi

USINDE ngokulambisa owesifazane oluthwe ngokuthenjiswa impilo engcono kanti uyophendulwa isigqila socansi.

Owesifazane oneminyaka engu-39 waseBloemfontein obezixakekele uveze ukuthi uluthwe ngomunye wesifazane ohlala endaweni yabadla izambane likapondo emthembisa ukumsiza amnike impilo engcono.

Ngemuva kokushintshana ngemininingwane, lo wesifazane uye emzini kamsolwa oseBayswater eBloemfontein, lo unikwe imali yokuthenga izimpahla ezintsha zokugqoka nokudla. 

Ngokwamaphoyisa aphenya lolu daba, izinto zijike ngesikhathi lo wesifazane esefunzwa izidakamiswa futhi ephoqwa ukuba aye ocansini aphinde anakekele ngokuhlanza umuzi abebanjwe kuwona.

Amaphoyisa ancinzwe ngabathile ngemikhuba eyenzeka kulo muzi maqede agasela khona. 

Abophe abasolwa abane abaneminyaka engu-20 kuyaku-40. 

Ngaphandle kokuthumba, abasolwa bazophinda babhekane namacala okutholakala nezidakmizwa, ukutholakala nomfaniswano wombutho wezokuvikela wakuleli SANDF, izibhamu nezinhlamvu..

Okhulumela amaHawks eFree State uMajor General Mokgadi Bokaba uqwashise umphakathi ukuthi uqaphele  futhi uzibike izigameko zokuthunjwa nokushushumbiswa kwabantu.

FUNDA NALANA: Lubuya nezinguquko olwabafazi beziqumama zaseThekwini

“Kubalulekile ukuhlolisisa amathuba empilo engcono noma ngabe aqhamuka kubantu esibathembili,” usho kanje.