Amaphoyisa azifake enkingeni egebenga unogada
SELISEZANDLENI zikaKhomishana wamaPhoyisa Kwazulu-Natal uLieutenant Colonel Nhlanhla Mkhwanazi icala lokushaywa, ukuthunjwa nokukhwahlwa imali kukanogada kanti kusolwa amaphoyisa asePhoenix ngakho.
Leli cala lizophenywa wuphiko oluzobhekisisa amacala athweswe amaphoyisa i-IPID.
Kulesi sigameko kubikwa ukuthi unogada osebenza enkampanini yokudla ubesemsebenzini wakhe ngesikhathi kufika amaphoyisa esilisa amabili neleaifazane elilodwa.
Abezosayinisa omunye wabasebenzi bakule nkampani iprotection order ethinta udaba oliqondene nalo msebenzi.
Ngenxa yokuthi lenkampani inemigomo eqinile yenhlanzeko njengoba isebenza ngokudla, unogada ube esechazela amaphoyisa ukuthi ngeke akwazi ukuwavumela azingenele ngaphakathi.
Kunalokho, uzoyolanda lo msebenzi odingekayo ayisayine lencwadi engaphandle.
Kwenzekile lokho kodwa kwathi uma umsebenzi esesayinile wahamba, iphoyisa lesifazane libe selimdelela limthuka limbiza ngamagama amabi.
Liqhube lathi lona alinendaba namigomo nanhlanzeko akhuluma ngayo.
Kukhonalaka ukuthi amaphoyisa abengazi ukuthi kunamakhamera kulenkampani njengoba amaphoyisa esilisa abe esesondela aqala amshaya kanzima unogada.
Ngokuqhubeka kwesikhathi abonile ukuthi kanti kunamakhamera, asithe amabheji anamagama awo adonsa unogada amfaka emotweni aqhubeka nokumtitinya.
Leli lesifazane kuthiwa libe selifuna imali enguR2,000 ngenkani. Kuvela ukuthi unogada uzikhalelile wathi uno-R220.
Kuthiwa iphoyisa lesifazane liwuthathile lawufaka ekhukhwini.
Kusolwa ukuthi amaphoyisa abesesongela unogada ngokuthi azomphonsa esitokisini aboshwe futhi adlwengulwe ezinye iziboshwa uma engayikhiphi imali ayifunayo.
Kuthiwa amyalele ukuthi ayifune emndenini wakhe ngoba azombophela amanqina enyathi amvulele icala lokushaya nokunqaba ukuboshwa abomthetho.
Nebala lawo macala avuliwe. Unogada udedelwe ngebheyili yinkantolo.
Abenkampani okusebenza kuyona unogada babone unogada engekho endaweni yomsebenzi kwathi uma bebheka kumakhamera bazithela kwisiga esigilwe amaphoyisa.
FUNDA NALANA:Â Udinga usizo oputshuza umgosi wosaziwayo
Ngokulayelwa ngabameli, unogada uvule amacala okushaywa amabili, ukuthunjwa nokukhwahlwa imali.

