Basinde ngokulambisa abagada imali kotsotsi
ZISHWEBILE izinswelaboya ebezizama ukuduna imoto ethwala imali kaNyamazane eMpumalanga izolo.
Umbiko wamaphoyisa endawo uveza ukuthi abasolwa abebezama ukuduna maqede bathathe imali emotweni eyithwalayo ebihamba ngomgwaqo uN4 bahambe beshwiba izandla.
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uBrigadier Donald Mdhluli, uthe abasolwa bebehamba ngezimoto ezintathu iFord Range, Toyota Fortuner neMercedes. Zonke lezimoto bezinezinombolo zaseGauteng.
Uqhube wathi, izimoto zabo bezelusa le ethwala imali bezama ukuthi bayimpintshele ekhoneni beyigudla emaceleni kwasho ukuthi onogada abaqaphe imali bayaqaphile. Umshayeli wenyuse isivinini wabaleka waze wayofika la ebebabele khona.
Izimoto zabasolwa zibaleke lapho. Imoto iMercedes Benz igcine itholakala kuN4 ilaxaziwe ivutha amalanabi. Kushaye isikhathi sokuloba kungakaboshwa muntu.

