Usecele uxolo uBonnie Bee weBig Brother Mzansi
USECELE uxolo ngamazwi amabi awasho ngesikhathi ekwiBig Brother Mzansi uBonnie Bee.
Uxolise kuKay Bee, uMultichoice, amaxhasi bohlelo nasemphakathini wonkana ngokusho amazwi azwakala engazwelani noKay Bee owake wadlwengulwa phambilini.
KwiVideo ayifake ezinkundleni zokuxhumana, uBonnie Bee, ushweleza aphinde azise umphakathi ukuthi uthola ukwelulekwa nokufundiseka kangcono ngobuhlungu abantu abayizisulu ababhekana nabo.
Lesi sixoliso sikaBonnie Bee siqhamuka ngemuva kokuthi athola ukugxekwa ngokukhuluma budlabha ngoKay Bee ayengazwani naye ngesikhathi bobabili besayingxenye yeBig Brother Mzansi yalo nyaka.
Kulolu hlelo uKay Bee wake waveza ukuthi esikhathini esiphambili wake wadlwengulwa nokuthi kunesikhathi lapho ebelala nabesilisa ukuze athole imali.
Ngemuva kwalokhu, uBonnie Bee wathi mhla ebona uKay Bee ekhala, wambuza ukuthi ukhaliswa wukuthi wake wadlwengulwa noma wukuthi walala namadoda ukwenza imali. Waphinde wezwakala kaningi exoxa nozakwabo endlini kaBig Brother ethi uyazwelana nokwamehlela kodwa akahambisani nokulala namadoda ukwenza imali.
Yize esexolisile kodwa abalandeli bohlelo kukhona abangalwamukeli uxolo kube khona nabalwamukele ngezimhlophe.
Loku hlelo selusosukwini 52 manje.

