Kuqhume isibhaxu kwabasolwa ngokuba yiWa Wa West
BAYISUTHILE induku abalisa abasolwa ngokuba yingxenye yeqembu lemigulukudu eMaoti eNanda.
Abalisa ababili abaneminyaka elinganiselwa ku-27 no-28 babanjwa bayekwa izolo ebusuku. Ngokombiko wabakwaReaction Unit South Africa (RUSA) kuqhume nesibhamu kulesi sigameko.
Umbiko uthi laba basolwa bebebuyela ekhaya bevela endaweni yokucima ukoma.
AbakwaRUSA bathi, abasolwa babhozomelwe ngamalungu omphakathi amahlanu ebasola ngokuba ngamalungu okuqina eqembu lemigulukudu iWest Gang ehlalise lubhojozi umphakathi.
Amalungu omphakathi kuthiwa abe “esexoxa” nabasolwa kanzima.
Kuthiwa abasolwa ngokuba iWest Gang babonile ukuthi ayingangabo, bacela empunzini. Umbiko uthi babaleke bayongena ezimotweni okukhona kuzona iToyota Corolla emnyama neHyndai i20 empunga.

