Ubongwa ukwesekwa ngumphakathi uMondli Mzizi
UBONGA akaqedi usomahlaya osephenduke usomabhizinisi uMondli Mzizi ngokwesekwa wumphakathi ebhizinisini alisungule nomndeni wakhe.
UMondli ngokubambisana noyise uMnuz Mzizi sebeqede iminyaka emihlanu benebhizinisi le mithi eyakhiwe ngamakhambi emvelo nesisize inqwaba yabantu.
Ngokusho kukaMondli, uyise sekuneminyaka ezenzela imithi okubalwa kuyona owephika, esebenzisa izithako nendlela yokuwuvubela yakudala eyadluliselwa kuyise nguyisemkhulu ongasekho emhlabeni.
” Umkhulu uMzizi wayeyinyanga eyayihlonishwa yaziwa ngokungazibheki izifo. Wayethanda ukubona abantu bephila, bengahlushwa yilutho. Zonke izithako namakhambi aphilisayo wayewabhala phansi enzela ukuthi adlulise ulwazi lokuphilisa abantu,” kusho uMondli.
Amakhemisi esintu akwaMzizi abizwa ngeMzizi Cosmetics/ Ikhemisi Labantu. Banamagatsha eMgungundlovu, eThekwini nasePinetown. Phezu kwalokho Mzizi cosmits and ikhemisi lesintu ubaba uyena osikhiqinizela imithi. Siphinde sifakele nezinye izitolo ezidumile.Leli bhizinisi lidlondlobale kakhulu ngo-2020 ngesikhathi sikaCovid 19. Iningi laliphephela emithini wakwaMzizi wephika yize ekucacisa ukuthi awakhelwe lesi sifo kodwa iphika.Impumelelo yebhizinisi isiyenze kwavuleka amathuba emisebenzi njengoba beqashe abantu abayisithupha ngokuphelele. Baphinde babe nabangaphezu kwabangu-100 abasabalalisa imikhiqizo yabo ezindaweni ezahlukene,Â
“Konke lokhu ngabe akwenzekile ukuba besingesekiwe ngumphakathi wakithi. KUbo bonke abasesekile sithi kwande lapho bethathe khona. Akulula ukuqala ibhizinisi esikhathini la nesimo somnotho nesezwe sisuke singesihle njengoba sikhumbula ukuthi ngo-2020 umnotho wawumubi ngenxa yobhubhane.Â

