EzokokungcebelekaUncategorised

Ingabe usephelelwe wushatini uCassper Nyovest?

USEVUKE wazithatha umrepha obizwe njengomphuphe okumanje ufisa ukugcwalisa inkundla yezemidlalo.

UCassper Nyovest ozakhele ugazi ngokugcwalisa inkundla i-Orlando Stadium eminyakeni edlule kungenzeka ayogcwalisa inkundla yaseBloemfontein.

Lokhu kulandela ukuthi umsakazi uMacG wePodcast and Chill ethe usephelewe ngushatini futhi sekushaye isikhathi sokuthi abeke umbhobho wokucula ethala..

UMacG ohlelweni lwakhe alwethula noSol Phenduka, uthe umculo kaCassper Nyovest wakamuva awushayi esikhonkosini futhi wehlulwa kakhulu owaphambilini.

Eziphendulela uCassper usebenzise ithuba ukumemezela ukubuya kweFill Up yalo nyaka. Unxenxe abalandeli bakhe ukuthi baqoke enye yezinkundla ukuze aphinde ayigcwalise ukukhombisa ukuthi usakhonya.