Kufe obesolwa ngokuzama ukudubula iphoyisa
SEKUFE umsolwa okukholakala ukuthi ubezama ukudubula iphoyisa eWindermere eThekwini.
Kulesi sigameko, kubikwa ukuthi kunabalisa ababili abebehamba ngeToyota Etios bamiswe ngamaphoyisa.
Enye yalamadoda abasemotweni ivele yadumela isibhamu kungazelele muntu, yazama ukudubula kwabomthetho.
Elinye lamaphoyisa libone ingozi ngokushesha ladubula yavele yahlala enyameni.
Ngesikhathi kwenzeka lokhu, lo omunye wesibili umlisa uthe nyawo zami ngibelethe.
Amaphoyisa aphume inqina ayamthungatha. Kushaye isikhathi sokuloba kungakaboshwa muntu.

