UNay Maps kwifilimu ephambili kwiJoburg Film Festival
ISILOMO somlingisi ozakhele uduno elingisa emidlalweni uZalo noMkhokha uzobonakala efilimini entsha sha iPerfect Match.
UNay Maps uzodlala indawo ephambili kule filimu ezokhonjiswa okokuqala kwiJoburg Film Festival eNu Metro Hyde ngoMgqibelo ozayo. Le filimu ingosomabhizinisi ohluphekayo kodwa ogcina esesebenzisana nesigebengu esinguphunyuka bemphethe.
Lo somabhizinisi uzothola egaxela ezinkingeni ngoba ezama ukukhombisa umndeni wakhe nabangani ukuthi uyindoda enamandla nemali. IJoburg Film Festival ingomunye wemicimbi edonsa amahlo abaningi ngenxa yeqophelo eliphezulu lamafilimu eliwadidiyela minyaka yonke.
Kulo nyaka, acela ekhulwini amafilimu azokhonjiswa. Kuwona kubalwa avutshelwe kuleli nasemazweni angaphandle.

