Uqokelwe indondo ephambili e-Afrika umlingisi woMkhokha
SEKUBALWA izonsuku ngaphambi kokuthi inkakha yomlingisi uDeli Malinga ayomela iNingizimu Afrika kowezindondo eziphambili e-Afrika amaLadies in Media Awards eKenya ngoMarch 18.
UDeli Malinga ongaconsi phansi ngenxa yendawo kaMaMzobe ayidlala kuMkhokha kuMzansi Magic uqokwe emkhakheni we-African Female Actor of The Year. Uzobanga le ndondo nabalingisi abafana no-Asavela Mqokiyana.
Ukuqokwa kwakhe kumenze wagqama kakhulu umsebenzi wakhe njengoba aziwa ngokuzimisela nangentshisekelo akukhombisa emsebenzini wakhe. Yize eyomela elakuleli embonini yokulingisa, izindleko zohambo zibhekene naye ngqo.Â
Nakuba kunguye kuphela oqokwe kwezokulingisa kodwa bakhona abanye omkhaya bakhe abakweminye imikhakha. Kubona singabala uPhindi P (African Female Musician of The Year), Zoe Modiga (African Female Musician of The Year), Alizwa Sikhafunghana (African Content Creator of The Year), Nthabeleng Maa Elle (African Female Radio Personality of The Year ne Female DJ of The Year),

