UTrump uzobuyisela ababhaci base-Ukraine ezweni labo
UMENGAMELI wase-United States of America (USA) uDonald Trump usesonge ukubuyisela emuva bonke abafudeki base-Ukraine ababhace ezweni lakhe.
Balinganiselwa ku-240 000 abantu base-Ukraine ababalekele e-USA ngesikhathi kuqala impi phakathi kwezwe labo neRussia ngoFebhuwari 2022. Abanye babhace emazweni angomakhelwane okubalwa iPoland, Britain abanye baziyela mathupha eRussia.
Yize impi kungakacaci ukuthi iyophela nini kodwa uhulumeni oholwa nguTrump usuthe gede, ababuyele emakhaya.
“Sekushaye isikhathi sokuthi bonke abantu base-Ukraine ababhace la e-USA bahamba baye kwelakubo. Khona madeze ngizosayina umyalelo ozophoqa ukuthi baye emakhaya abo,” kusho uTrump.
Usho kanjena nje uTrump kusanda kusuka impi yamazwi phakathi kwakhe ehleli nephini lakhe uJD Vance nomengameli wase-Ukraine uVolodymry Zelenskyy kulandela ukungafuni ukusayina isivumelwano sezimbiwa phansi.
Izolo, uZelenskyy wehlele ngezansi wazisola ngokwenzeka ngesikhathi ese-Oval Office eWhite House. Uphinde wazibophezela ukuthi uzosayina ngeke esashaya ungqimphothwe njengoba kwenzekile ekuqaleni.

