Izindaba

Isikeshi samaphoyisa sithuse umphakathi

UKUBONAKALA kwephoyisa lesilisa lisakaza ngempama elinye lesifazane phambi kozakwabo kwethuse abaningi ezinkundleni zokuxhumana.

Lokhu kungenxa yokuthi ngesikhathi kwenzeka lesi sehlo kukhona ababukelayo nabahlekayo. Ngokombiko wamaphoyisa le video yaqoshwa ekilasini kufundwa ngezimpawu ezahlukene zodlame. 

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ucashunwe ecacisa kabanzi ngokwenzeka kule video.

Uthe kwaSAPS bayayazi le video kanti yathathwa kwenziwa umdlalo oyisifundo ngodlame olusekelwe ebililini (Gender Based Violence and Femicide). 

Uqhube wathi yinto engasoze yenzeka ukuthi kube nesigameko esifuze lesi sokuthi kube khona amaphoyisa abukelayo angathathi zinyathelo.

Uveze ukuthi kulo mdlalo kwakunezifundo ezathatha amasonto amabili ezisiza amaphoyisa ukuthi asheshe akwazi ukubona izimpawu ngokushesha kumuntu ohlukunyezwayo.

Ukusabalala kwale video sekwenze kwanemibono eminingi eyahlukene kubantu.

Iningi labaphawule ngayo bagxeka okubonakala kwenzeka kuyona.

Ngokwezibalo zanyakenye , balinganiselwa ku-736 million abesifazane emhlabeni wonke ababhekene nezinhlobo ezahlukene zodlame lubhekiswe kubona.

Buka le video ngezansi.