Ulahlwe elakubo owakhe uzungu lokubulala umyeni wakhe
UPHUME ngebheyili kaR2,000 owesifazane oboshelwe ukwakha uzungu lokubulala umyeni wakhe.
U-Anelle de Bruin (46) waboshwa ngoJanuary 9 kulo nyaka ngesinsolo zokwakha uzungu lokubulala umyeni wakhe weminyaka engu-15 uJohan (56).
Ngokombiko osenkantolo, kukholakala ukuthi wayehlele ukuthi uma kufa myeni wakhe uzosenga ezimithiyo abeke lolu daba njengesigameko esinyantisayo sokubulawa kwabalimi abamhlophe kuleli osekungamanga asesabalele umhlaba wonke.
Ngeshwa lamlahla elakubo, njengoba omunye wabantu ayebancinzile ukuba bamfunele inkabi ezobulala umyeni wakhe ngokumdubula kuthiwa yahlebela amaphoyisa.
Kuthiwa ngesikhathi ematasa akha lolu zungu inhloso enkulu bekuwukuhlomula ngesigaxa sikaR50 million obizokhokhwa umshwalense ngokufa komyeni wakhe.
Ngokombiko osenkantolo, u- Anelle ubeseyitholile inkabi, wayikhokhela nediphozi.
Kuvela nokuthi ubesechaze lonke uhlelo ukuthi luzoma kanjani ukuze incazelo yakhe izokholakala uma umyeni wakhe esefile.
Ngokombiko osavele, u-Anelle noJohan banezingane ezimbili futhi kungekho zingxabano ekhaya.Kwenzeka lesi sigameko nje, i-Afriforum imatasa izungeza amazwe omhlaba iwatshela ukuthi abalimi abamhlophe bahlezi lubhojozi eNingizimu Afrika.
Lokhu sekwenze ukuthi umengameli wase-USA uDonald Trump asayine isivumelwane ezibanika igunya lokuzobhaca ezweni lakhe.
Yize kunjalo, balinqabile leli thuba kanti kunezinsolo zokuthi bafuna kubuye ubandlululo.

