UTrump usebaheha ngobuzwe abalimi amahlophe
USESHAYE ungqimphothwe umengameli wase-United States of America (USA) uDonald Trump ngesinqumo sakhe sokuheha amabhunu ukufudukela ezweni lakhe.
Emasontweni abambalwa edlule, uTrump usayine umthetho ovumela abalimi abamhlophe bayobhaca ukuba bayobhaca e-USA. Uthe abalimi abamhlophe abazofudukela ezweni lakhe uzobanika igunya lokuhlala basebenze futhi abanike namalungelo ababhaci.
Namuhla ushintshe ukwenza uTrump wabhala  ku-X (okade waziwa ngelikaTwitter) ukuthi bonke abalimi abamhlophe baseNingizimu Afrika ubamukeleke ngezandla ezimhlophe ezweni lakhe futhi uzobanika ubuzwe.
Ukusho lokhu nje, iningi labalimi abamhlophe belikhombise ukungakujabuleli ukuyoba ngababaleki kwelinye izwe.
Inkulumo kaTrump yanamuhla ishayelwe izandla iningi labamhlophe okubalwa kubona nomholi we-Afriforum, uKallie Kriel. Uthe kuyabajabulisa ukubona umholi onjengoTrump eyisukumela indaba yabo.
Uthe: “Abanesifiso sokuwela ulwandle baye e-USA abenze njalo. Ngeke sibasole”.
Ugxeke umengaleli wezwe uCyril Ramaphosa ngokungayishayi indiva eyezikhalo zakho zokubulawa.
Wathi ngeke baphele amandla bazokwenza isiqiniseko sokuthi umhlaba wonke uyazi ngezinkinga zabo. Yize ekhulume wakhihliza amagwebu uKriel kodwa umholi we-EFF Julius Malema uthe :”Hamba khaya.”

