Isigcwagcwa ku-Elon Musk othanda ukuqamba amanga
USEPHINDE washipha kudliwa usozigidi u-Elon Musk njengoba eseqambe amanga ngokungasetshenziswa kweStarlink yakhe lapha eNingizimu Afrika.
UMusk osezakhele isigcwagcwa emazweni amaningi ngokuthanda ukuhubhuza amanga nokuyishaya phambili nasemuva, ubhale ku-X wakhe ngalolu daba.
Utshele izinkumbi zabalandeli bakhe ukuthi isizathu sokungagunyazwa kweStarlink kuleli yingoba akamnyama ngebala.
” IStarlink ayivumelekile ukusebenza eNingizimu Afrika ngoba ngingemnyama,” kusho uMusk.
Le nkulumo yakhe igxekwe ngabaningi abamsola ngokudukisa nokuhubhuza amanga ngenhloso yokwakhela leli zwe isigcwagcwa emhlabeni.
Omunye walabo abamgxekile ngalesi senzo sakhe nguClayson Monyela oyiNhloko Kwezoxhumana Kwamazwe .Â
Uthe:” Nawe uyazi ukuthi isizathu akusilo ibala lakho. iStarlink ivumelekile ukuzosebenza kuleli inqobo nje uma izolandela yonke imithetho nemigomo yokusebenza elandelwa nguwo wonke umuntu,” usho kanje.
Uqhube ngokwenza isibonelo ngenkampani yezobuchwepheshe iMicrosoft esanda kwenza isivumelwano esisha neNngizimu Afrika elandele yonke imithetho
Uveze ukuthi zingaphezu kuka-600 izinkampani zase-USA ezikuleli nezisebenza kahle futhi ezilandele yonke imithetho njengoba kwenzeka nakwamanye amazwe.
Kwenzeka lokhu nje uMusk usezakhele isigcwagcwa emazweni amaningi ngokuthanda ukugxambukela kwezepolitiki nasekuthathweni kwezinqumo ngohulumeni nokugcina kuthikameza uzinzo.
Amazwe se-Europe amaningi asehlongoza ukuvala ukusetshenziswa kwemikhiqizo yakhe kanti nokudayiswa kwezimoto zakhe iTesla kuyakhophoza ngenxa yesigcwagcwa sakhe.

