Uncategorised

Zimkhalele osolwa ngokubulawa kwephoyisa

KUPHELE amahlathi ebanjwa esitolo sezingubo egqoke amanikiniki osolwa ngokudutshulwa nokubulawa kwephoyisa e-Ermelo esifundazweni eMpumalanga.

UPrince Gift Mdluli obesekhonjwe ezindaweni eziningi eziKwaZulu-Natal okubalwa kuzona iBergville, Howick neXobho ubanjwe amaphoyisa namuhla.

Ubanjwe ngemuva kokuthi amaphoyisa encinzwe indlebe ngokubonakala kwesinye sezitolo zendawo esidayisa ezokugqoka esiseKomatipot. Amaphoyisa awapholisanga maseko ababela khona, amthola um,solwa.

Izithombe ezinobuso bukaMdluli zike zasabalala ezinkundleni zokuxhumana emasontweni adlule kulandela ukubulawa kukaLieutenant Colonel Piet Pretorius (56). Kulapho ebevezwa njengomsolwa oqavile.

Njengoba eseboshiwe, uzojoyina abanye abasolwa abane abathinteka kuleli cala.

UPretorius, obengumkhuzi weVehicle Crime Investigation Unit e- Ermelo. Wabulawa ngokudutshulwa ngoJanuary 16, kulo nyaka. Okhulumela oKlebe eMpumalanga, uLieutenant Colonel Magonseni Nkosi, ukuqinisekisile ukuboshwa kukaMdluli.

Uveze ukuthi abanye abasolwa kuleli cala ngoMthobisi Nkosi (40), Aubrey Xaba (35), Skhumbuzo Skhakhane (40), Nyiko Mujovo (30) noValencia Skhosana (34).

Uthe laba baboshwa ngalo usuku lwesehlakalo.