ULiema Pantsi uzonandisa kwiBig Brother Mzansi
SEKUBALWA imizuzu ngaphambi kokuthi isilomo somculi ebesikwiBig Brother Mzansi nyakenye sinandise kulolu hlelo.
ULiema Pantsi ase-Eastern Cape, uzobonakala enandisa kulolu hlelo ngo-6 ntambama kuchannel 198 noMzansi Magic. Ukucula kwale ntokazi kulolu hlelo namuhla kuzobe kuhambisana nokukhishwa ngamavoti kwabadlali balo abangaphakathi endlini kaBig Brother Mzansi ababili. Kumanje kusele abayishumi kanti bonke babhekene nezembe ngaphandle kukaNsuku Mabunda oyiNhloko yoMuzi kuleli sonto.
ULiema kubhekeke ukuthi acule izingoma ezimbalwa bukhoma phambi kwezethameli nomethuli walolu hlelo uSmash Afrika.
Kuzokhumbuleka ukuthi uLiema Pantsi ube yintandokazi yababukeli balolu hlelo nyakenye. Phezu kwalokho kwasekusobala ukuthi wayengalunqoba kulolu hlelo njengoba ayehamba phambili ngokuba nabalandeli.
Ukukhetha kwakhe imali enguR250,000 ngephutha kwaholela ekukhishweni kulo hlelo.
Selokhu aphuma kwiBig Brother Mzansi usekhiphe izingoma ezithandwe abalaleli. Kulezo zingoma kubalwa ethi “Let Me Be” nethi “Impumelelo” ayicula nesihlabani somculi uCece Thwala waseNewcastle nezinye.
Selokhu iBig Brother Mzansi yanyakenye waphela, uLiema Pantsi ubukeka ephumelela kwakwenzayo.
IBig Brother Mzansi yanyakenye yanqotshwa uMcJunior waseBergville, Kwazulu-Natal wathola R2 million.

