ICanada isimemezele undunankulu omusha uMark Carney
ISIHOLWA ngundunankulu omusha ceke iCanada.
Ukumenyezelwa kukaMark Carney kulandelwe ukwehla esikhundleni kukaJustin Trudeau nokuyinto ayimemezela ekuqaleni kwalo nyaka. UTrudeau ubesephathe kulesi sikhundla iminyaka engaphezudlwana kwengu-9.
Ngesikhathi ememezela lesi sinqumo uTrudeau, wathembisa ukuhlala kuze kube kugcotshwa undunankulu omusha emizuzwini embalwa edlule. UCarney umenyezelwe phambi kwezinkumbi zamalungu eLiberal Party nokuyiyona angaphansi kwayo.
Enkulumweni yakhe yokuqala njengondunankulu uthe uzokwenza okusemandleni ukuqinisa umnotho wezwe lakhe nakholwa wukuthi untengantengiswa ngumakhelwane i-United States of America (USA).
” Kukhona ozama ukuwisa umnotho wezwe lethu. UDonald Trump njengoba sonke simazi, uzama ukubulala konke esikwenzayo, esikudayisayo nesikukhulisayo ngokufaka intela engafanele. Uhlasela umnotho, imindeni nemisebenzi yethu. Ngeke simvumele aphumelele kulokhu akwenzayo,” kusho uCarney.
Uthembise izwe lakhe ukuthi uzoqhubeka azilwe izimpi azifice zikhona zezomnotho kuze k ube – i-USA ifunde ukubahlonipha.
” Asichukuluzi muntu kodwa uma umungtu esisukela siyamkhombisa ukuthi singobani thina,” kusonga uCarney.

