U-Amanda Black uphika eyokuhlukunyezwa ngokocansi
ISILOMO somculi sesiphumele obala saphikisa amahlebezi asabalele okuthi sahlukunyezwa ngokocansi ngumculi waKwaZulu- Natal.
U-Amanda Black wodumo lwengoma “Vuleka Amazulu”, ubhale kuFacebook ephikisa lamahlebezi asabalalise okomlilo wequbula.
Phambilini, u-Amanda Back uke wasebenza nalo mculi wesilisa behlanganisa izingoma ezithakaselwe ngabathandi bomculo wabo bobabili.
” Ngiyabingelela kunina nonke. Anginalwazi lokuthi lamahlebezi aqhamuka kuphi kodwa awasilo iqiniso futhi awaveli kimina. USjava akazange angihlukumeze ngokocansi,” kubhala u-Amanda Black.
Ukuphumela obala kuka-Amanda Black, kuza ngemuva kokuba sematheni kokupendwa kwegama lalo mculi wesilisa ngabathile ezinkundleni zokuxhumana.
Abampenda kabi lo mculi wesilisa bamsola ngokwenzekalisa lo mculi ngokumhlukumeza ngokocansi.
Yize le ndaba isegudwini,kodwa awaziwa umnyombo wayo nenhloso yalamahlebezi.
Abanye bebebuyisa nodaba oluke lwenzeka eminyakeni edlule lwezinsolo ezithi azifane nezagcina ziye enkantolo.
Kushaye isikhathi sokuloba lo mculi wesilisa engakaphawuli ngalolu daba yize abanye bese beqalile bemthuka ngenxa yamahlebezi angesilo iqiniso.

