Kusolwa amankwebevu ngokuboshwa koweSkeem Sam
UNGAPHANDLE ngebheyili umlingisi oqavile weSkeem Saam kulandela ukutholakala eshayela edle amponjwana.
USkhumbuzo Mbatha odlala indawo kaMeneer Manaka uboshwe ngamaphoyisa ngoMgqibelo eGoli.
Ngokwemibiko ubanjwe ngempelasonto ngesikhathi amaphoyisa iJohannesburg Metropolitan Police Department (JMPD) ekade enemvimba ngwaqo phakathi komgwaqo uBarry Hertzog Avenue noNapier Road eParktown.
Kuthiwa uMbatha ubeshayela iNissan Navara emhlophe.
Amaphoyisa anake indlela abeziphethe ngayo ebishayisa amakhala kanti enezimpawu zomuntu obukhile. Kuthe noma esesondela kuyena ahabula iphunga lamambawu.
Ngokombiko wamaphoyisa acele ukuba amhlole izinga lomtshwala esebenzisa ithuluzi lakho.
Kulapho kuvele khona ukuthi izinga lotshwala egazini lakhe lingaphezulu kweligunyaziwe elingu 0.51 mg/l. Lokhu kwenze ukuthi amaphoyisa aphuthume amthathe isampula legazi lakhe nokungumthetho uma kunesimo esifuze lesi.
Ngemuva kokubanjwa, ube esenikelwa emaphoyiseni akwaSAPS eParkwood nokuyilapho athweswa icala lokushayela ebukhile.
Uphume ngeSonto ngebheyili kaR1,500.

