EzokokungcebelekaUncategorised

Umndeni kasomahlaya ubhoboka ngokumbulele

UMNDENI weciko elisanda kudlula emhlabeni  u-Ebenhaezer Dibakwane usudalule imbangela yokufa kwakhe.

UDibakwane (31), obedume kakhulu njengobuso besiphuzo iSavanna, udlule emhlabeni ngesonto elidlule ngemuva kokubhekana isikhathi eside nengcindezi.

Isitatimende esikhishwe ngumndeni wakwaDibakwane siveze ukuthi ubhekene nesimo esinzima ukwamukela ukudlula emhlabeni kwelunga lomndeni.

Uqhube wathi izinkomba ziveze ukuthi u-Ebenhaezer wazibulala kodwa basalinde umphumela wokuhlinzwa kwesidumbu nokuhlolwa kwaso nokuyiwo ozoveza iqiniso.

U-Ebenhaezer uzakhele igama ngamancoko, ukubhala imidlalo nangokulingisa. Ikhono lakhe elizoyizayo libonakale likhula futhi donsa amehlo.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi eqokwa ephinda enqoba kwiSavanna Comics’ Choice Newcomer of the Year Award ngo-2016.

Lokhu kunqoba kumnike ingqayizivele yokukhangisa ezikhangisweni zalesi siphuzo ngawo unyaka ka-2016.

Uphinde wababa i-Savanna Comics’ Choice Award’ for Intermediate Comedian of the Year nokumbeke ebalazweni.U-Ebenhaezer uqokwe kuma South African Film and Televion Awards (SAFTA) for Best Achievement in Scriptwriting. Ulingisise emidlalweni eminingi okubalwa kuyona iDirvoced at 50, Real Estate Sisters neminye eminingi.

Uzofihlwa ngoLwesihlanu endaweni esazomenyezelwa.