Izindaba

Ngeke alubhade eMzansi uBushiri

YIZE inkantolo yaseLilongwe eMalawi isinqume ukuthi akabuyele eNingizimu Afrika azoqula amacala akhe uProphet Shepherd Bushiri kodwa yena ukuthi akezi.

Ngesikhathi sokuloba lolu daba, uBushiri ubenenkonzo eshisayo nesakazwa bukhoma nebithanyelwe yizinkulungwane zabalandeli bakhe. Isihloko sale nkonzo besithi Thanksgiving Service njengoba ebebonga ukuhoxiswa kwamacala ayishum kwangu-13 abebhene nawo.

UBushiri  bekufanele azobhekana namacala amaningi okubalwa kuwona awokuhlukumeza ngokocansi, ukusayina amaphepha omgunyathi, ukusayina amaphepha  ukukhwabanisa nekubaleka ibheyili.

Isinqumo senkantolo siphinde sanquma ukuthi unkosikazi kaBushiri , uMary naye kuzomele amlandele njengoba yena ezobhekana namacala okukhwabanisa, ukusayina amaphepha omgunyathi, ukubalekela ibheyili.

Nakuba inkantolo inqume ukuthi kuzofanele bagqunywe esitokisini kuze kushaye isikhathi lapho iziphathimandla zakuleli zizobalanda, kodwa kubukeka kungeke kusenzeka. Lokhu kushiwo uBushiri obencoma uNkulunkulu ngokumenzela izimanga zokumhlenga nomkakhe.

UBushiri uthe banikwe igunya lokuba ngaphandle kuze kushaye isikhathi lapho bezofaka isicelo sokuthi iNkantolo eNkulu eMalawi ibuyezeke isinqumo sayo.

Okunye okumnandi bathandekayo kunesinqumo esikhishiwe yinkantolo esisivumela ukuthi siqhubeke sihlale kuze kube sifaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo yiNkantolo eNkulu yaseMalawi,” kusho uBushiri. 

Amanye amacala abhekene nalaba bobabili, ahoxisiwe ngenxa yokushoda kobufakazi.

Kule nkonzo bekunandisa abaculi bowokholo kusha nezintshumayeloenenkosi phakathi. Ibithanyelwe yizinkulungwane ezimbiza ngo’Papa” abanye bethi “Daddy” kuBushiri.

Uphinde wabonga abazalwane noNkulunkulu ngesimangalis amenzele sona sokuhoxishwa kwamacala ayishumi kulawo angu-13 abhekene nawo.

Uthe: Okunye okumnandi bathandekayo kunesinqumo esikhishiwe yinkantolo esisivumela ukuthi siqhubeke sihlale kuze kube sifaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo yiNkantolo eNkulu yaseMalawi.Â