Izindaba

I-EU Commision izoqinisa ubungani neNingizimu Afrika

KUNGAKAPHELI nasikhathi esingakanani uMengameli we-European Union Commision, u-Ursula von der Leyen nethimba lakhe befikile lapha eNingizimu Afrika, sebehlangane noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.

Ukuhlangana kwabo kungenxa ye-EU-South Africa Summit ehleli eKapa.

Ngokusho kuka-Von der Leyen ku- X (owaziwa ngelikaTwitter), kuyinjabulo enkulu kubona bengabase-Europe ukuzohlangana nozakwabo bakuleli njengoba futhi bebazisa ubungani abanabo nomengameli uRamaphosa.

Uthe iNingizimu Afrika kufanele yazi ukuthi ingethembela kubona njengoba nami bethembele kuleli lizwe.

Kulolu hambo uVon der Leyen uveze ukuthi bazokwethula isamba sika£4.7 Billion abazowutshala kuleli.

Lemali izotshalwa ngaphansi kohlelo olubizwa ngeGlobal Gateway Investment.

Lolu hlelo luzokweseka ezithinta ugesi, ezokuxhumana nemijovo ezokwenziwa ezwenikazi i-Afrika.

Ukufika kuka-von der Leyen kwenzeke ngesikhathi isimo singenalo uzinzo emhlabeni jikelele.

Inhlangano engamelwe wu-von der Leyen ibhekene ngeziqu zamehlo nomengameli osanda kubekwa e-USA, uDonald Trump. Ngokunjalo neNingizimu Afrika isesimweni esifanayo ngenxa kahubhu kabhejane ongusozigidi u-Elon Musk kanye ne-Afriforum ngodaba  lokubulawa kwabamhlophe.

Kwenzeka lokhu nje kulindeleke ukuthi umengameli wase-Ukraine u uVolodymyr Zelenskyy atheleke kuleli ngenyanga ezayo ezohlangana noRamaphosa.