Libuyela ngoMay enkantolo icala likaGogo Maweni
ICALA elibhekene nesilomo sesangoma lokushaya ngenhloso yokulimaza kanzima lihlehliselwe uMay 5 kulonyaka.
U-Ann Makgotso Mofokeng (38) odume ngelikaaGogo Maweni, ubevele enkantolo yemantshi eProtea, eGauteng.
UGogo Maweni waboshwa ngoJanuary 19 kulo nyaka ngenxa yokuyamaniswa necala lokushaya kanzima okuthiwa lenzeka ngoDecember 17,2019 eDlamini eSoweto.
Imibiko esavele iveza ukuthi umsolwa wagalela washaya kabi ummangali ngebhodlela emlonyeni.
Ummangali kuthiwa uyisihlobo somuntu owayesondelene noGogo Maweni.
Lesi silomo sesangoma nosaziwayo ezinhlelweni zethelevishini uke wadlala ohlelweni lwakuMoja Love Izangoma Zodumo neThokoza Gogo.
Ngesikhathi esenkantolo uGogo Maweni ubehamba nomyeni wakhe uSabela Mgube.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulezi zinsuku laba bashadikazi basematheni ngenxa yokuvumbuka kwe- voice note abathe yindala.
Kuyona kuzwakala uGogo Maweni ephoqa umyeni wakhe ukuthi atshele owesifazane okukholakala ukuthi wyesondelene naye, ethi amamtshele ukuthi abebekuhlanganisile kuphelile.
Akuphelanga sikhathi singakanani kusabalele levoicenote, uSabela ube esekhipha ivideo elwa nabaphawule ngale voicenote. Kulapho eveze khona ukuthi indala futhi isahluko esidala lesi asivala.
” Nikhuluma sengathi nina anikaze niwenze amaphutha. Leli iphutha engalenza eminyakeni emithathu edlule. Njengamanje ngigxile kumkami futhi ngizimisele ukwakha ikusasa eliqhakazile naye,” kubeka uSabela.

