Izindaba

UDr Khehlelezi ubhoboka ngezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi

IGEQE amagula inyanga yodumo yaKwaZulu-Natal esolwa ngokuhlukumeza ngokocansi owesifazane waseKapa. 

UMnuz Libhongolethu Mzozo odume ngelikaDr Khehlelez,i kuvele ukuthi ubebhekene namacala amane okuhlukumeza ngokocansi kanti usanda kuvela enkantolo ngawo. Kwayena uKhehlelezi uveze ukuthi ulivulile icala lokulinyazwa kwesithunzi sakhe.

UDr Khehlelezi uthulule amakati esakeni ngesikhathi enoDJ Sbu ngalezi zinsolo. Uthe lo wesifazane umaze ngemuva kokuthi ekhulume ohlelweni lukaDJ Sbu eveze ukuthi unenkinga yokudunwa kwekhasi lakhe lika-Instagram. 

“Ngemuva kokuthintwa inqwaba yabantu benesifiso sokungisiza. Ngigcine ngikhuluma kuWhatsApp nalo oyedwa wesifazane ongowaseKapa,” kusho uKhehlelezi.

Uthe ngokuqhubeka kwesikhathi bathandanile. Uthi yingoba vele yena uyisoka yingakho futhi enesithembu ekhaya.

Uthe uthandane nalo wesifazane bentshontshana nalo wesifazane ozethule wathi uyi-web desgner ngoba ubehlala kude eKapa.

Uqhube wathi ngokuqhubeka kwesikhathi ubhukhe ibhanoyi lalona wesifazane ukuze eze kuyena azomlungisela i-instagram njengoba kwakuvunyelwene. Ibhanoyi belizomletha eSandton emzini wakhe.

“Ngosuku afike ngalo uhlangabezwe wunogada wami esikhumulweni sezindiza wamletha kwami. Ngithe uma ngifika ngamthola esegqoke kancane ilingerie ebomvu, ngaphansi engaphentile,” kusho uKhehlelezi.

Uqhube wathi usisi usondelile kuyena, wambamba waze wamphushela kusofa, Uthi yize bekushisa kodwa akazange angene entombazaneni. Kulapho kuvele kwagobhoza igazi kowesifazane kanti usezinsukwini zakhe.

Lokho kuqede umcimbi ungakaqali. Uthi umtshele lapho lo wesifazane ukuthi ngeke akwazi ukudlala naye umdlalo wabadala ngoba usebenza ngabadala, Yize balala embhedeni owodwa kodwa akamthintanga. Ngakusasa wabe esemnika R3,000. 

Yize evulelwe icala kodwa uphika uma ngentaba ukuthi wamhlukumeza futhi uzokulwela ukugezwa kwegama lakhe.