Ugwetshwe iminyaka ewu-30 owabulala ngesihluku ibhoklolo
UMBULALI ucele ukuxolisa emphakathini nasemndenini womuntu owayemxhaphaza nsukuzonke nokwaholela ekutheni agcine embulele.
UThabiso Mosola ugwetshwe iminyaka engu-30 ngokubulala uSello Morobe ambize ngesiqhwaga esasimxhaphaza futhi esesaba.
Uthe okwakwenza amsabe nakakhulu wukuthi wayeke wamsabiso ngokumbulala. Yize kunjalo kodwa uthe manje useyazisola ngesenzo sakhe.
Ngesikhathi echaza, imimoya ibephezulu ikakhulukazi emndenini kamufi nokugcine sekuqhuma isililo enkantolo.
Ngesikhathi exolisa, uveze imininingwane ehlasimulise umzimba phambi kwenkantolo ePhakeme eFree State, eHarrismith.
Uthe ngemuva kokubekezelela ukuxhashazwa, wabona ithuba liziqhamukela ngesikhathi ebona umufi ehamba egqwegqwa emgwaqeni. Kulapho abona khona ukuthi akamfundise isifundo.
UMosola uthe wasondela kumufi waze wafika eduze kwakhe. Waqala ngokumgwaza, kwathi uma ephelelwa amandla ewa phansi waseqala ukumquma ikhanda.
Uthe walizikiza laze lanqumeka walithatha wayolilahla emfuleni obude buduze nendawo yesigameko.
Isidumbu wasifaka ebhaleni waya eMasimong Village khona eQwaqwa nokuyilapho asishisa khona..
Uthe uyazisola kakhulu ngesenzo sakhe ufisa sengathi ngabe walusingatha ngenye indlela lolu daba.
Umshushisi kuleli cala u-Advocate Victor Choane, ukuchithile ukuzisola kukaMosola wathi konke lokhu kwakuhleliwe. Uphinde waphika iminyaka okuthiwe uMosola wayenayo ngesikhathi sesigameko
Ijaji uJoseph Mahlambi ukhale ngobucayi becala ngesikhathi egixabeza umbulali ngeminyaka engu-30.

