Umklomelo kaR60,000 ngomkhondo ecaleni lababulawa eMlazi
AMAPHOYISA akwaZulu-Natal asekhiphe umehlokaboni ka-R60,000 kongasiza awanike umkhondo kusombululeke icala lokubulawa kwabantu abayisithupha eMlazi.
Inzukayikeyi yecala okukhulunywa ngayo la ngelokudutshulwa kubulawe amadoda ayisithupha emgwaqeni uThabo Morena Street, eMlazi ngo-17 August nyakenye.
Kulesi sigameko kwabulawa ngesihluku u-Innocent Mazeka (25), Khaliphile Ntombela (37), Yamukela Mzekeli (29), Mlungisi Langa (40), Sinqobile Ngcobo (30) noDumisani Mgoza (39).
Laba babesihlalele ngemuva kwasehostela eTehuis Hostel ngesikhahi kuqhamuka abalisa ababili abangaziwa baqonda kubona babacela ugwayi.
Ngokolwazi olusemaphoyiseni, kuthe ngemuva kwesikhashana abasolwa behambile baphinde babuya.
Kuthiwa kulapho abasolwa bayalela izisulu ukuba zilale ngezisu. Kuthe kusenjalo, zakhonjwa ngezibhamu zadutshulwa zonke.
Abasolwa babaleka endaweni yesigameko.Abesifazane abathathu ababekhona basinda futhi bangalimala.
Amaphoyisa athi abasolwa abantu abangaziwa futhi kunzima ukuthi bachazeke ukuthi babebukeka kanjani ngoba lesi sehlakalo senzeka ebusuku.
Ikhona imikhondo eke yalandelwa amaphoyisa kodwa ayithelanga zithelo.
Yingakho amaphoyisa esekhiphe umklomelo wale mali ngolwazi olungabophisa futhi kugcine kugwetshwe abenzi bobubi. Ongaba nolwazi ngalesi sehlakalo angathinta uDetective Sergeant Jila ku-079 696 3685 noma iCrime Stop on 0860010111.

