I-USA isixoshe inxusa lakuleli ezweni layo
UNOBHALA wase-United States of America (USA) uMarco Rubio usememezele ku-X ukuxosha inxusa lakuleli uMnuz -Ibrahim Rasool.
Encazelweni emfushane kaRubio, uthe uRasool uzonda i-USA nomengameli wayo uTrump, futhi ungusopolitiki osebenzisa kakhulu ubuhlanga.
Uqhube wathi akaboni kukhona abangakuxoxa naye ngakho akahambe ezweni labo. Umchaze njengomuntu ongasavumelekile ukuba sezweni labo
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uRassol ekhulume kwi-webinar ebingamelwe iMapungubwe Institute ibheka izinsuku ezingu-50 uTrump engene ehhovisi. Kulapho ephawule wathi khona ngokuningi kodwa i-USA yakuhumusha njengokuthi uthi Trump uhola ngendlela eqhakambisa abamhlophe bodwa emhlabeni jikelele.Â
Ihhovisi likamengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa likuqinisekisile ukuxoshwa kukaRasool.
Liveze ukuthi lolu daba lunzima futhi luyadabukisa kodwa kubalulekile ukuthi luphathwe ngobunono.isitatimende siqhube sathi iNingizimu Afrika isazimisele ukuba nobudlelwano obuhle ne-USA obuzozuzisa amazwe womabili nakuba okwamanje isimo singesihle.
Lolu laka lukaRubio alulusha uma kuza kokuthinta iNingizimu Afrika.
URubio usanda kubhala khona ku-X ethi ngeke esalubhada kwiG7 Summit okuhlelwe ukuthi ibe kuleli.
Waveza ukuthi ucikwa wukuthi elakuleli lisemkhankasweni wokubulala abamhlophe nokuthi imangalele i-Israel enkantolo ICC.
Lezi nsolo ngeNingizimu Afrika seziphikwe kaningi nokuthi lungamampunge.
Lusatshalaliswa yizinhlangano zamabhunu ezifisa kubuye ubandlululo nokuyi-Afriforum ibambisene neSolidarity.Â
Ngakolunye uhlangothi u-Elon Musk ungomunye ogcizelela ukufafaza amampunge ngaleli zwe esebenzisa inkundla yokuxhumana yakhe i-X.
Kamuva lezi zinhlangano zizungeza amazwe omhlaba ziqamba amanga ngodaba lomhlaba olusanda kuphasiswa. Lokhu kuze kwaholela ekutheni uTrump athi abamhlophe abazizwa bengaphephile abafudukele e-USA.
Ukujiya kwesimo phakathi kweNingizimu Afrika ne-USA sekudale iningi labakuleli bafise ukuthi umengameli uRamaphosa abuyisele uNaledi Pandor esikhundleni sokuba nguNgqongqoshe wezindaba zangaphandle.
Leli hhovisi lenganyelwe uRonald Lamola. Abakhalazayo babona ubuhlakani nobuchwepheshe bukaPandor budingeka nakakhulu manje.

