Obopha uDr Khehlelezi ngokumhlukumeza ngokocansi uyazikhulumela
USEPHUMELE obala waveza uhlangothi lwakhe owesifazane obophe isilomo senyanga uDr Khehlelezi.
Lo wesifazane waseKapa ngeke sidalule igama lakhe ngenxa yokulandela imithetho evikela izisulu emacaleni athinta ukuhlukunyezwa ngokocansi.
Uqophe ivideo echaza ukusuka nokuhlala kodaba.
Kuyona, uqale wabonga kubo bonke abamesekile nabamgxekile ngokubopha uDr Khehlezi amsola ngokumhlukumeza ngokocansi.
Uyiqale ekuqaleni indaba yakhe yokuthi wahlangana noDr Khehlelezi kwiHustlers Corner.
Kulapho uKhehlelezi ayethungatha khona umuntu onolwazi lwezobuchwepheshe owayengamsiza abuyise i-Instagram wakhe owawudumiwe.
” Saxhumana noBhongolwethu Mzozo kusukela lapho. Ngamchazela konke okudinga wkenziwe nanemali engangizoyibiza ngomsebenzi wami,” kusho lo wesifazane.
Uthe bahlela konke nangamalungiselelo okuya kwakhe eGoli. ukuqinisekisile okushiwo nguKhehlelezi okungukuthi yithimba lakhe elabhukha indiza eyayizomsusa eKapa imlethe eGoli.
Uphinde wahamba emazwini kaKhehlelezi nasekulandweni kwakhe esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo International, nokuyilapho athi walandwa wunogada..
Uqhube wathi efika emzini kaKhehlelezi wayengekho ekhaya. Uthe watshelwa ukuthi wayesemcimbini weMkhonto Wesizwe.
“Kwakungekho laptoo noma icomputer nje le ejwayelekile. Ngaxakeka ukuthi ngizosebenza kanjani. Kwagcina ngokuthi ilandwe,” usho kanje.
Uthe ngenxa yokushisa, wathatha isinqumo sokuyogeza, washintsha wasehlala endaweni epholile.
Uthe kulapho kwangena khona uKhehlelezi wavele wakhumula wanqunu.
” Wavele wahlubula ayekugqokile wasala enqunu kuhle kosuku azalwa ngalo. wathi kade ayengihalela efisa ukuthinta amabele ami,” kubeka lo wesifazane.
Uthe nakuba ayengakuthandi okwenzeka kodwa waphoqwa yisimo ukuhambisana nakho ngoba wayesaba.
Lokhu kungenxa yokuthi wayengazi muntu kulo muzi, ebona kahle futhi ukuthi ubhekene nomuntu oyingozi ngoba wayesibonile isibhamu sikamsolwa asifaka eshalofini.Â
Uthe yinye into ayicela kuKhehlelezi, wukuhi amvikele ngokufaka ijazi lomkhwenyana.
” Wavele wakhipha ibhodlela le-baby oil wagcobisa isitho sakhe sangasese, wathi kimina isebenza njenge-body oil.”
Uthe uyamangala manje uma esethi usejahwa yizitha zakhe zakwipolitiki.
“Umbuzo engizibuza wona ingabe lezo zitha zakhe zamyalela ukuthi alale nabantu besifazane ngaphandle kwegunya labo? Cha,” ezibuza eziphendula,
” Bengilokhu ngizifihlile ngenxa yokuvikela isithunzi sami. Ukukhuluma kwakhe bukhoma ngalolu daba enze ihlaya ngami nangecala engimvulele lona kungiphathe kabi.”
Uthe ingalo yomthetho izobenaza ubulungiswa futhi uzozibona ukuthi akasiye uNkulunkulu.

