Izindaba

Oboshelwe izidakamizwa uveze usomatekisi osatshwayo eVerulem njengomnikazi wazo

INSWELABOYA esolwa ngokudayisa ngezidakamizwa edolobheni eVerulem ibale umfowabo kanye nosomatekisi osatshwayo kule ndawo njenganikazi bezidakamizwa ezidayiswa kule ndawo.

Lo mlisa ozolala ebaliwe, ukhombe laba kulandela ukubanjwa nenqwaba ezizidakamizwa namuhla ekuseni.

NgoLwesithathu olwedlule, le nswelaboya yenze izinsongo zokubulala unogada wakwaReaction Unit South Africa (RUSA) abebeyiphenya.

Kuthiwa lezi zinsongo ubezenza ngenxa yokuthi ithimba labakwaRUSA bebliphenya kulandela imibiko evela kosomabhizinisi bendawo abebesola indlela enza ngayo eshayisa amakhala. 

Uma besondela kuyena umsolwa, ubatshele ukuthi uzwana nosomatekisi osatshwayo eVerulem.

Ubaxwayise ngokuthi uma bezama ukumbopha kungase kuholele ekudutshulweni kwalo msebenzi wakwaRUSA. Lokhu kuhunyushwe njengezinsongo abeziqondise kuleli thimba ebelimphenya.

AbakwaRUSA abathathanga kalula lezi zinsongo njengoba bezibeka engcupheni umsebenzi wabo.

Kunalokho baqale umshikashika bethungatha lomlisa kuleli sonto.  

Ngaphezu kwalokho, AbakwaRUSA baphinde bambona enza izinto ezingaqondakali. Kuthe engabona imoto yabakwaRUSA wabaleka.

Namuhla ekuseni izikhulu zakwaRUSA ziphuthume edolobheni eVerulem ngenxa yakhe lomlisa obebonakala enza okungaqondakali emphakathini. 

Bavale opotsho abaziwayo bokubaleka ngaphambi kokuthi baqale bamjahe. Utholakale nezidakamizwa, imali nomakhalekhukhwini abambalwa. 

Ngemuva kokuhlonywa imibuzo, uvumile ukuthi udayisa izidakamizwa edolobheni. Uthe uqale ukuzidayisa ngenyanga edlule. 

Uveze nokuthi udayisela umfowabo oqashwe wusomatekisi osatshwayo.

Udaba ludluliselwe emaphoyiseni kanti ayaphenya.