Sezihubela sakusha kwiBig Brother Mzansi
SELUYA emaphethelweni uhlelo iBig Brother Mzansi season 5 nolusakazwa bukhoma kuchannel 198 naku-161.
Namuhla lolu hlelo lusosukwini lwesi-63 kanti luzosongwa ngeSonto elizayo nokuyilapho kuzohlangana khona izonsuku ezingu-70.
Kumanje kusele abadlali abahlanu nabamenyezelwe umethuli wohlelo uSmash Aftika, njengavabheke kowanqamu.
Abasele ngu-Akhonamathemba “Sweet Guluva” Mbele (23) waseNquthu; KwaZulu- Natal, uNsuku Mabunda (29) waseNkunzana ngaseHa-Masia eLimpopo.Â
Kube khona u-Uyanda Hlangabezo (24) waseGqeberha, uKarabo Sejojo (22) waseBloemfontein eFree State noFortunate “Nate” Setwaba (26) waseLimpopo.
Nakuba bebahlanu abasele, kuyaziwa ukuthi munye kuphela ozokhala emuke nesamba sikaR2 million.
Ozonqoba kuzobe kusho ukuthi abalandeli bakhe bamvotele ngaphezu kwabanye ozakwabo ancintisana nabo.Â
Luqala uhlelo abadlali babengu-24.
Kusukela namuhla izindimbane zabalandeli nemindeni yabasele benza konke okusemandleni ukunxenxa ababukeli ukuba bavotele izintandokazi zabo.
Ngonyaka odlule, iBig Brother Mzansi yanqotshwa uMcJunior waseBergville.

