Uyobingelela inkantolo kusasa osolwa ngokufa komfundi eMpumalanga
IVELA kusasa enkantolo indoda eneminyaka engu-23 ensolwa ngokuthumba nokubulala umfundi wentombazane obefunda ugrade 12 kaNyamazane eMpumalanga.
Lokhu kulandela ukuboshwa kwalo msolwa osolwa ngokufa komfundi oneminyaka engu-17.
Ngokombiko wamaphoyisa, isidumbu salo mfundi sitholakale ngoLwesihlanu sekuhwalala.
Amaphoyisa aqhuba athi, umndeni womfundi uveze ukuthi wagcina ukumbona ekuseni ngalo uLwesihlanu ngaphambi kokushiya ikhaya eyogibela ibhasi elibangise esikoleni.
Kuthe ntambama ngalo uLwesihlanu, amaphoyisa aziswa manyelana nophenyo olwaseluqalwe ngenxa yesehlakalo esasenzeke e-Extension 16, Kanyamazane.
Kuthe uma efika endaweni yesehlakalo amaphoyisa, azithela phezu kukamsolwa. Waqala wazichaza njengesakhamuzi esasikhathazekile.
Ube esehamba namaphoyisa ewayisa ekameleni okwakukhona kulona umufi owabukeka elele futhi enganyakazi.
Umsolwa watshela amaphoyisa ukuthi ikamelelo ngelikamfowabo nokuthi wayengenalo ulwazi ngokwakwenzekile kumufi.
Amaphoyisa afica umufi owayesagqoke umfaniswano wakhe wesikole, embathiswe iduvet kukhona indophu efakwe entanyeni wakhe
kukhona nezinye izingcucu ezasisalenga ophahleni lwendlu.
Yize uphenyo lusaqhubeka kodwa iziphathimandla zishaya amakhala njengoba zikholwa wukuthi likhona iqhaza elabanjwa ngumsolwa kulesi sigameko.

