Kubuya isithandwa soKhozi FM
INJABULO kubuya uSthandwa Nzuza kuKhozi FM.
USthandwa wahamba kulo msakazo ngo-2019 ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe yokusebenza.
Njengoba ebuya usezoshayela uhlelo obelwethulwa nguKhetha Gwala olungena ngo-3 kuya ku-6 njalo ngoMgqibelo ntambama.
Ezinye izinguquko ezimenyezeliwe ngezokufaka uVusizwe Langa ohlelweni lukamaskandi.
UmfokaLanga uzongena esikhaleni sikaTshatha Ngobe iSigiya Ngengoma. Uzobe ehambisana noBingelela Mpanza kulolu hlelo olungena njalo ngoMgqibelo,
Ngakolunye uhlangothi, uTshatha uzoqhubeka nohlelo lwakhe olushisa izikhotha iWoza Nabangani Bakho alubamba noSelby Mkhize phakathi nesonto ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
UMafresh uzosesakaza iTop 20 njalo ngoMgqibelo ngo-12 kuya ku-3. Kuzokhumbuleka ukuthi lolu hlelo belushayelwa nguMandla Magwaza phambilini.
Uhlelo obelwenziwa wuZanele Mbokazi ongasekho emhlabeni, olungena ngeSonto i-Eshilo, seluzothathwa uPhindi P.
Libe seligcwala umoya ijazi kuSiya Mhlongo obengumethuli wohlelo Ubusuku Obuhle. Lolu hlelo olungena phakathi nesonto ngo-8 kuya ku-12 ebusuku seluzothathwa wuNkosinathi Mshengu.
Kwenzeka lokhu nje uSiya ubhekene nezinkinga njengoba avulelwa icala lokushaya.Izinhlelo eziqala ekuseni phakathi nesonto kuya emini azibanga nazinguquko.
Izinguquko ezimenyezelwe ziqala ukuzwakala ngo-April 1, kulo nyaka.

