Izindaba

Kume yonke into kubhikisa amaphoyisa kamasipala eKurhuleni

Idolobha lase-Ekurhuleni ligxeke isiteleka esingekho emthethweni esiqhubekayo samalungu oMnyango wamaPhoyisa ase-Ekurhuleni Metropolitan (EMPD) okuthiwa afuna kulungiswe amaholo.

Udaba lokungagculiseki kwalaba basebenzi yilo eliseqhulwini nosekunesikhathi kunezinkonondo ngalo kodwa kungaveli sixazululo. Olunye udaba oluphambili ngelokusebenza isikhathi esengeziwe nokuyinto okuvela ukuthi isamisiwe ngumasipala.

Idolobha lizwakalise ukukhathazeka ngesiteleka, nokuholele ekutheni kuphazamiseke kakhulu izindlela ezisemqoka emigwaqeni yakule ndawo kusukela ekuseni namuhla

Okhulumela lo masipala uZweli Dlamini uxolisile emphakathi ngalesi simo wathi umasipala uyalusebenza udaba futhi uzimisele ukululungisa ngokukhulu ukushesha.

Amavidiyo nezithombe ezenza izinhlamvu ezinkundleni zokuxhumana zikhombisa amaphoyisa akwametro egqoke umfaniswano wawo evimba izimoto.

Abanye babonwa bephethe amaphosta, bechaza, “Lungisa amaholo ethu noma uthathe izibhamu zakho.”

Ezinkundleni zokuxhumana sekusabalele amavideo ezimoto ziminyene utshumo emigwaqeni okubalwa kuyona uR21 ngaseBenoni, iseGermiston neminye emikhulu. Kulapho okuthiwa amaphoyisa akwaMetro egqoke khona imifaniswano yomsebenzi evimba izimoto.

Abanye babonakala bephethwe izingqwembe ezibhalwe imibhalo ethi “Lungisa amaholo noma uthathe izibhamu zakho”.

Lo mbhikisho uphazamise abantu abaningi abaya emsebenzini nasezikoleni nakwezinye izindawo. Iningi ligcine libuyela emakhaya ngenxa yalo mbhikisho.

Ngesikhathi sokuloba, besekutheleke amaphoyisa ukuzohlakaza umbhikisho nokuyinto okuvela ukuthi ayinambithisiswanga ngababhikishi.