Sekuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokudayisa izidakamizwa
LIZOVELA kusasa phambi kwenkantolo iphoyisa laseGauteng elibanjwe nenqwaba yezidakamizwa.
Leli phoyisa lesilisa elineminyaka engu-44, elingeke lidalulwe igama lalo kuze kube livela phambi kwenkantolo kusasa, liboshwe ngozakwabo namuhla emini.
Kuthiwa libanjwe kuthela wayeka uN1 South ngaphandle kwasePolokwane eLimpopo.
Ngokombiko wamaphoyisa alibambe oqotsheni, lo zakwabo ubanjwe nenqwaba yenyaope. Ngaphandle kwalokho, kunezinsolo zokuthi kwamoto leli phoyisa ebelihamba ngayo ngeyokwebiwa.
UKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, usencome ukuboshwa ngokushesha kwaleli phoyisa
ULieutenant General Thembi Hadebe usekhiphe isexwayiso esiqinile sokuthi noma yiliphi iphoyisa elikhetha ukwephula umthetho lizobhekana nemiphumela ebuhlungu.
” Ukuboshwa kwaleli phoyisa kufanele kuthumele isexwayiso esicacile sokuthi akekho ongaphezu komthetho, ” kusho uLieutenant General Hadebe.
Umsolwa ugcinwe e-SAPS Westernburg kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yasePolokwane.
Ubhekene necala lokudayisa izidakamizwa nokutholakala nemoto okusolakala ukuthi yebiwe.

