Injabulo abakwaMultichoice befaka amaPodcast kuDStv
ABAKWA MultiChoice sebeqome ukuletha ama-podcast kumabonakude.
Benze lokhu kulandela ukuthi behole amalungelo okusakaza ama-podcast ayisishiyagalombili abaphambili baseNingizimu Afrika. Wonke lama-podcast aqale emancane kodwa agcina enabalandeli abaningi ngenxa yezihloko nezindaba ezishiya abaningi bebambe ongezansi ahlezi eziphakela ababukeli bawo.
Lama-podcast azoqala ukukhonjiswa kuMzansi Wethu nakuMzansi Magic kusukela ngo-April.
Mzansi Wethu (DSTV 163)
Open Chats:Â Ihlolisisa izihloko ezifana nobudlelwano, ukukhula komuntu sakhe nezindaba zomphakathi. Yethulwa wuMthokozisi Methula noSino. Ivame ukuba nezingxoxo ezihehayo kanti iba nezvakashi ezikhethekile ezinikeza imibono eyahlukene ngezihloko zaamuva. Izoqala ngoLwesihlanu, 11 April ngo-17:30.
Piano Pulse: Yethulwa nguMunaka, Thakgi noSfiso, Ibheka izihloko ezahlukene ngaphansi komuxa womculo wamaPiano. Lapho kubalwa okuhlanganisa izingxoxo zamaciko, izitayela zemboni nezingxoxo zamasiko. Izoqala ukukhonjiswa ngoMsombuluko, 7 April ngo-17:30.
PNC (People Need Comedy) :Â Yethulwa uMpho Popps, Tsitsi Chiumya noFarieda Metsileng. IPNC yethula izindaba ezijabulisayo zempilo, amasiko nezindaba zomuntu siqu ezithakwe ngamahlaya. Izoqala ngoLwesibili, 8 April ngo-17:30.
Podcast and Chill with MacG:Â Yethulwa nguMacgyver “MacG” Mukwevho, Sol Phenduka ne-“Ghost Lady.” Uhlelo lunikeza izingxoxo eziqondile kwezokuzijabulisa nezivame ukuba nosaziwayo. Lolu hlelo luqala ngoLwesithathu, 9 April ngo-17:30.
Against the Wall Podcast with Skeem GP: Lolu hlelo lumayelana nezindaba zasejele. Lubhekisisa izinselele ababoshiwe ababhekana nazo ohambweni oluya ekuhlumelelweni nasekubuyiselwa emphakathini. Loku hlelo luqala ngoLwesine, 10 April ngo-17:30.
Spreading Humours:Â Uhlelo oluphethwe uSeemah, Yanda kanye noZille. Lungezingxoxo ezisobala mayelana nezitayela ezinkundleni zokuxhumana, amasiko entsha nezehlakalo zakamuva. Lolu hlelo luqala ngoMgqibelo, 12 April ngo-20:30.
Mzansi Magic – DSTV 161
Awkeward Dates with Lasizwe: Lolu hlelo olusungulew futhi olwethulwa nguLasizwe. Lungezihloko ezihlabahlosile. LuqalangoMgqibelo, 12 April ngo-21:00.
Joseph Dary: Exchanging Phones: Lwaziwa kakhulu ngengxenye yakhe ethi “Ukushintsha Amafoni Kumasekhondi angu-60”. Lunyakazisa ubudlelwano nokwethembana phakathi kwababili. Luqala ngoMgqibelo, 12 April ngo-21:30.

