Injabulo kubuya isithandwa uMusona kwelaseZimbabwe
Owayengukaputeni weZimbabwe uKnowledge Musona uzwakalise injabulo ngokubuyela eqenjini lesizwe.
UMusona, uthe “Ngijabule ngokubuya futhi konke kuzohamba kahle”.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMusona ephumile empeshenini ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neBenin neNigeria.
Ukubuyela kukaMusona eqenjini kwemukelwe ozakwabo, okuhlanganisa noKhama Billiat, okholelwa ukuthi isipiliyoni sikaMusona sizolikhuthaza kakhulu iqembu.
UBilliat uncome uMusona, wathi : “Ukuba noKnowledge, ngolwazi lwakhe, kuyakhuthaza ukuba seduze kwakhe.
Uqhube wathi uke wasebenzisana noMusona esikhathini esidlule futhi wakuthokozela lokho.
AmaWarriors azobhekana neBenin neNigeria kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezayo, kanti isipiliyoni sikaMusona sizobaluleka kule midlalo.
Ngokubuya kwakhe, amathuba eZimbabwe okuhlungela iNdebe yoMhlaba athuthuke kakhulu.
Umqeqeshi weZimbabwe, uMichael Nees uzwakalise intokozo ngokubuya kukaMusona.
Umncome kakhulu ngokuba wumuntu oqotho nohlonipha ngendlela emangazayo. Uthe uyisibonelo esihle kwabasakhula
Njengamanje iWarriors, isemsileni eqoqweni leBafana okunguGroup C. Lokhu kungenxa yokuba namaphuzu amane ngemuva kwemidlalo emine

