Izindaba

Kuboshwe umculi wokholo ngokunyamalala kobanjwe egqekeza

SEKUSABALELE izindaba zokuthi isilomo somculi wokholo saseMseleni, kwaMhlabuyalingana sisesikiti.

Lemibiko engaqinisekisiwe isabalele ezinkundleni zokuxhumana kanti ikhomba uNkosikhona Tembe njengalo mculi oboshwe izolo.

UTembe oke wayiphoyisa phambilini, kuthiwa uboshwe izolo kulandela izinsolo zokuthumba umfana wendawo okuthiwa wagcina ukubonakala naye.

Ngokwemithombo yabezindaba, uTembe uboshwe ngemuva kokunyamalala komfana osolwa ngokugqekeza umuzi wakhe.

Kuthiwa uTembe wadinwa wathelwa ngamanzi emva kokuthola ukuthi lo mfana wagqekeza kwakhe wasethi “ukuxoxa” naye kancane.

Ngokwemibiko, kuthiwa uTembe waveza ukuthi wamdedela esaphila umsolwa. Nakuba esho kanje kodwa kuthiwa akaphindanga wabonakala.

Ngenxa yalokho kusolwa uTembe ngokungabonakali kwakhe.


Lokhu sekuthukuthelise umphakathi okuthiwa uzame ngisho ukuyoshisa umuzi kaTembe kodwa wanqandwa kulokho.Ngokwabahlala kule ndawo, isimo simuncu, Kunemibiki ethi kunamalungu omphakathi afuna ukungqongqisa umuzi walo mculo ngenxa yentukuthelo.

UTembe uzakhele ugazi ngomculo wakhe onenkosi phakathi. Phakathi kwezingoma ake wagadla ngazo kubalwa ethi Moy’ Ongcwele, Ngiphumile nethi Ngizolibonga.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaTembe iphunzile njengoba ucimgo lwakhe luqonda kuvoicemail.